Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
6 verses
1Wayesethatha uBilidadi umShuhi, wathi:
2“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.
3Ukhona yini ongabala izimpi zakhe, nokukhanya kwakhe akuphumeli bani na?
4Pho, umuntu angalunga kanjani kuNkulunkulu, nozelwe ngowesifazane angahlambuluka kanjani, na?
5Bheka, nenyanga ayinankazimulo, nezinkanyezi azihlambulukile emehlweni akhe.
6Pho, kakhulu kangakanani umuntu oyimpethu, nendodana yomuntu eyisibungu, na?”