Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
5 verses
1Igama lokukhuphuka. Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni engenakunyakaziswa kepha imi phakade.
2Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema, kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.
3Ngokuba intonga yababi ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo belulele izandla zabo kokubi.
4Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.
5Kepha abaphambukela ezindleleni zabo eziyizinsongensonge uJehova uzakubahambisa kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.