Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
6 verses
1Igama lokukhuphuka. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.
2Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.
4Ngokuba bheka, kanjalo iyakubusiswa indoda emesabayo uJehova.
5UJehova makakubusise eseSiyoni; uyakubona inhlanhla yaseJerusalema zonke izinsuku zokuphila kwakho.
6Uyakubona abantwana babantwana bakho. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.