Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
7 verses
1IMaskili likaDavide esemhumeni. Umkhuleko. Ngiyakhala kuJehova ngezwi lami, ngincenga uJehova ngezwi lami.
2Ngiyathulula ebusweni bakhe isikhalo sami, ngibonakalisa kuye inhlupheko yami.
3Lapho umoya wami udangala phakathi kwami, wena uyawazi umkhondo wami; endleleni engihamba ngayo bangifihlele ugibe.
4Bheka ngakwesokunene sami, ubone ukuthi akakho onginakekelayo; isiphephelo singiphuthele, akakho okhathalela umphefumulo wami.
5Ngikhala kuwe Jehova, ngithi: “Wena uyisiphephelo sami nesabelo sami ezweni labaphilayo.”
6Lalela ukukhala kwami, ngokuba ngicindezelekile kakhulu; ngikhulule kubo abangizingelayo, ngokuba banamandla kunami.
7Khipha umphefumulo wami etilongweni ukuba ngibonge igama lakho; abalungileyo bayakungizungeza, ngokuba uyakungiphatha kahle.