Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
22 verses
1Ihubo likaDavide. Elokukhumbuza. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho. 38:1 AmaH. 6:1; Jer. 10:24.
2Ngokuba imicibisholo yakho ingihlabile; isandla sakho singicindezele kanzima. 38:2 Dut. 32:23; Jobe 6:4.
3Akukho ukuphila enyameni yami ngenxa yentukuthelo yakho; akukho ukuthula emathanjeni ami ngenxa yesono sami.
4Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.
5Izilonda zami ziyanuka, zichicha ubovu ngenxa yobuwula bami. 38:5 AmaH. 40:12.
6Ngikhonkobele, ngithotshisiwe kakhulu; usuku lonke ngihamba ngilila.
7Ngokuba ukhalo lwami lutshutshumba kakhulu; akukho ukuphila enyameni yami.
8Ngibuthakathaka, ngidubekile kabi; ngiyakhala ngenxa yokugqiha kwenhliziyo yami.
9Nkosi, ukufisa kwami konke kuphambi kwakho; ukububula kwami akufihlekile kuwe.
10Inhliziyo yami iyagquma kakhulu; amandla ami angishiyile, ngisho nokukhanya kwamehlo ami akusekho kimi.
11Abathandekayo bami nabahlobo bami bemi kude nokuhlupheka kwami; abakwethu bemi kude laphaya. 38:11 Jobe 19:13; AmaH. 27:10.
12Abafuna umphefumulo wami bayangicupha; abafuna ukungilimaza bakhuluma okubi, bazindla inkohliso usuku lonke.
13Mina kodwa nginjengesithulu, angizwa; nginjengesimungulu esingavuli umlomo waso. 38:13 Isaya 53:7.
14Yebo, nginjengomuntu ongezwayo; akukho ukuphikisa emlonyeni wakhe.
15Ngokuba ngithemba wena Jehova; wena Nkosi Nkulunkulu wami uzakuphendula.
16Ngokuba ngithe: “Funa bajabule ngami, ekusheleleni konyawo lwami bazikhukhumeze ngami.”
17Ngokuba ngiseduze kokuwa, nobuhlungu bami buphambi kwami ngezikhathi zonke.
18Ngokuba ngiyabika ukona kwami; ngiyadabuka ngesono sami.
19Kepha izitha zami ziphilile, zinamandla; baningi abangizonda ngeze. 38:19 AmaH. 3:1.
20Abaphindisela okubi ngokuhle bamelene nami, ngokuba ngilandela okulungileyo. 38:20 AmaH. 119:95.
21Ungangishiyi, Jehova; Nkulunkulu wami, ungabi kude nami.
22Phuthuma, ungisize, Nkosi, nsindiso yami.