Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
13 verses
1Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu, ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati. Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwinya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
2Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla. 56:2 AmaH. 3:1.
3Mhla ngesabayo ngiyakwethemba wena.
4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe; ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba; inyama ingangenzani na? 56:4 2 IziKr. 32:8; Jer. 17:5; Heb. 13:6.
5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke; yonke imicabango yabo iqonde ukungona.
6Bayabuthana, baqamekele, baqaphele izinyathelo zami, njengokuba beqamekela umphefumulo wami.
7Bayakuphunyuka yini ebubini babo na? Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu. 56:7 AmaH. 59:5,13.
8Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na? 56:8 Mal. 3:16.
9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo; ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.
10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi; kuJehova ngiyakulidumisa izwi.
11Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na? 56:11 AmaH. 118:6.
12Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami; ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga. 56:12 AmaH. 66:12.
13Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.