Loading Bible Translation
First-time download in progress. This may take a few seconds…
Zulu Holy Bible Wordproject Bible
12 verses
1Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama. UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda, igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.
2Itabernakele lakhe liseSalema, nendlu yakhe iseSiyoni.
3Waphula lapho imicibisholo yomnsalo, nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela
4Uyakhazimula ngobukhosi, lapho uvela ezintabeni zempango.
5Bachithekile abaqinile ngenhliziyo, balele ubuthongo babo; amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe, kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.
7Wena, yebo, wena uyesabeka; ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula
9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele, asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela
10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu. Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12Uyanquma umoya wezikhulu, wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.